Njengabantu besifazane, niyakhula nibe ngabaholi kwezombusazwe, kwezamabhizinisi, emphakathini nasemindenini. Kodwa ubuholi beqiniso buqala ngendlela eniphathana ngayo omunye nomunye namuhla.Kubalulekile ukuthi nithandane,nihloniphane, ngoba:
- Kusasa nizoba ngabaholi ezindaweni ezahlukene — nize ningakhumbuzani umlando omubi.
- Ubumbano lwenu lungamandla enu nihlangene, niyakwazi ukuhola.
- Ikusasa lidinga abesifazane abakhayo, hhayi ababhidlizayo.
- Amadodakazi enu ayanibuka. Mani wafundise uthando, hhayi umona.
- Ukuthethelelana kuwukuba namandla. Ukuhloniphana kuwubuholi.
Maningaqhakambiselani, ningabhidlizani. Uthando lube isisekelo sobuholi benu, ngoba ikusasa lingelabesifazane — futhi selifikile.
🖊 MKNews – We Are Unveiling the Truth

