
Usihlalo Kazwelonke weMK Party, uMnu.Mokotjo Sebiloane, namuhla ujoyine uSonto Mthethwa, ilungu leMK Party, ngesikhathi enikela amajazi angu-30 ezinganeni eziswele e-Izibuko Primary School, eKatlehong, eGauteng.
Lokhu kwenzeka ngenyanga yomama, kwaba yinto eqopha umlando ngoba intokazi esencane, eneminyaka engu-32, evela eKatlehong, ikhombise uthando lomphakathi ngendlela emangalisayo. USonto Mthethwa uyilungu eliqotho leMK Party futhi usebenza eHhovisi le-Umkhonto Wesizwe Treasurer General (TG Office), ongenamahloni kusho ukuthi unjengomuntu ozinikela ngenhliziyo yakhe emsebenzini weqembu.
Ekhuluma neMKNews, uSonto Mthethwa uthe:
“Ukunikela akudingi ukuthi ube nemali eningi, kodwa lokho okuncane onakho kungakwenza umehluko. Ngigqugquzela bonke abathanda ukwenza okuhle emiphakathini yabo ukuthi bangesabi,ungakhathazeki ukuthi abantu bazothini noma ukuthi banezinto ezincane



